Ubumbano olwenza sidlale kahle - Tshabalala

2013-01-30 16:24

Durban - Umdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana uSiphiwe Tshabalala uthi ubumbano nendlala yokufuna ukuwina yikho okugqugquzela iBafana ekutheni idlale kahle, njengoba kuqhubeka imidlalo ye-Africa Cup of Nations.

UTshabalala usho kanjena njengoba iqembu lilungiselela umzuliswano wesibili, okungamaQuarter-Finals, azodlalelwa enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, ngoMgqibelo.

IBafana izodlala neMali, nayo engazibekile phansi.

“Kuningi okuqhubeka ngaphakathi enkundleni, sifana nomndeni," kusho uTshabalala ekhuluma nabezindaba.

“Siyazwana futhi sisebenza kanzima. Uma kumele sincomane siyancomana, siyimbumba."

Lesi sethenjwa saMakhosi, sike sashikisha ibhetshi okwesikhashana, nokho kulindeleke ukuthi sibonakale njengoba kuzoqhubeka imidlalo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...