Ubefanelwe ukubizwa noBenni - Palacious
2012-05-17 16:35
Johannesburg - Umgadli we-Orlando Pirates uBenni McCarthy bekufanele naye abe yingxenye yabadlali abangu-27 abamenyezelwe ukuthi bazomela izwe emidlalweni elandelayo, kusho umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Augusto
Palacios.
UPalacios uthi ukholwa wukuthi uMcCarthy ubengaba negalelo elibonakalayo eqenjini lesizwe ikakhulu uma lizimisele ukuba yingxenye yemidlalo yendebe yomhlaba ka-2014.
"Yize noma uBenni eke waba nokungezwani kahle neSafa nezikhulu zeBafana Bafana, lokho kushintshile ngesikhathi edlalela iPirates," kusho uPalacios.
"Ukuziphatha kwakhe kushintshile, uyazimisela kunjalo uyisibonele kozakwabo."
Umqeqeshi wePirates uthi uMcCarthy ungumdlali onekhono lokuzalwa futhi okwaziyo ukushaya amagoli.
"Ngilandele uBenni kusukela aqala ukudlalela iBafana emidlalweni ye-Africa Cup of Nations ngo-1998. Ngangisebenza neBafana ngaleso sikhathi, namanje usangumshayi magoli ophambili weBafana."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).