UTeko Modise uzoxoxa neDowns
2013-01-03 13:00
Johannesburg - uTeko Modise uzoqalisa izingxoxo neMamelodi Sundowns mayelana nenkontileka yakhe entsha ngesonto elizayo, ngokusho kobhekele izindaba zakhe ngokomsebenzi.
Ngokusho kwefootball411.com, uModise owajoyina amaBrazilians esuka kwi-Orlando Pirates ngo-2010, inkontileka yakhe izophela ngoJuni.
Lo mdlali, okwathusa abaningi ngesikhathi eshiywa ngaphandle eqenjini leBafana Bafana elizodlala kwi-2013 Africa Cup of Nations, uzoba nezingxoxo ngoMsombuluko noma ngoLwesibili mayelana nenkontileka entsha, ngokusho kukaJazzman Mahlakgane.
"Ngibe nengxoxo noYugesh Singh, ongumeluleki wezomthetho eqenjini iSundowns, sikhuluma ngoTsholofelo (Modise). Ngeke kube nazihibe, kusho uMahlakgane etshela abezindaba zeSowetan.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).