USuthu luhlalele ethembeni

2013-02-26 14:03
Yabelani Shicilela

Durban - Umqeqeshi waMaZulu uCraig Rosslee usekuphebezile ukuthi bazoza nemvula yamagoli uma sebehlangene neqembu elingaziwa iTembu Royals, wagcizelela ukuthi into ebalulekile ukuthi banqobe umdlalo njengoba la maqembu ezohlangana koweNedbank Cup Last 32 eMlazi ngoLwesithathu.

USuthu lubukeka lubhekwe yisambane uma kuziwa ngasemanqakwini kule sizini, njengoba lisafake ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-19 yePremiership, kanti lulengela eweni lokudliwa yizembe.

“Into ebalulekile ukuthi sinqobe,” kusho uRosslee ngaphambi komdlalo.

“Yebo, amagoli enza ukuthi abagadli bazethembe, kodwa iqiniso lithi ngisho ungawina ngo 1-0 noma ngo 3-0, okusalayo ukunqoba kuyefana."

Leli qembu laseThekwini lizozama ngayo yonke indlela ukuthi lingathelwa ngehlazo lokuphuma ekuseni kulo mqhudelwano.

I-Orlando Pirates iguqiswe kabuhlungu yiMaluti FET College ngo 4-1 ngempelasonto, kwathi iChippa United yakhishwa yi-United FC.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...