USmith noBenni bashintshane ngequpha
2013-01-30 12:03
Johannesburg - Umgadli weGolden Arrows uNorman Smith uthi akambambele magqubu umdlali we-Orlando Pirates uBenni McCarthy, kulandela ukuthi babambane ngequpha eRand Stadium, ngoLwesibili.
Laba ababili kudingeke ukuthi bahlukaniswe ngozakwabo ngesikhathi bephendula inkundla yebhola lezinyawo, inkundla yesibhakela.
"Ayibukeki into abayenzile," kusho omunye wabadlali etshela abezindaba zeKickOff.com.
USmith uvumile ukuthi ulwe noMcCarthy, nokho uthi akanankinga futhi akabambe magqubu.
“Akulungile lokhu okwenzekeile. Kuyenzeka vele ebholeni kodwa bekuyinto nje engatheni," kusho uSmith.
“Asibange sisakhuluma ngemuva kwempi kodwa akukho monakalo,” kusho uSmith, ophethe usuku lwakhe esenesenyelo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24