USerero uthi uzinikele ngokupheleleyo kuBafana

2015-06-16 09:03

Cape Town - UThulani Serero uthi ubengakacabangi ngekusasa lakhe neqembu alidlalelayo ngoba okwamanje usanake umsebenzi awuzele kuBafana Bafana.

Lo mdlali ongaconsi phansi kubalandeli be-Ajax Amsterdam uyamaniswa namanye amaqembu amakhulu e-Europe ngesizini ezayo, kanti kuthiwa i-AC Milan yiyo emfuna kakhulu, kubika iKickOff.com.

Nokho uSerero uthe akathandi ukukhuluma ngekusasa lakhe kepha uzogxila emdlalweni weBafana wangoLwesibili ntambama uma sebegadulisana ne-Angola eKapa.

OLUNYE UDABA: UMashaba uzimisele ngokugcina uSerero eshisa

“Umqondo wami ugxile eqenjini lesizwe kuphela," esho emamatheka.

USerero unanele ngokuthi uyasijabulela kakhulu isikhathi asichitha ekhempini, wathi akumhluphi ukuthi uchitha isikhathi sakhe sekhefu esebenza.

"Angiwathandi vele amaholidi, kumina kumnandi ukuqhubeka ngidlale ibhola," evala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...