USerero unguLionel Messi wakuleli - Igesund

2013-01-04 08:59
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uGordon Igesund, uthi amagalelo kaThulani Serero eqenjini lesizwe, angawafanisa namagalelo kaLionel Messi, kuBarcelona.

Umbiko wefootball411.com, uthi uSerero ungumdlali obengabazeka emidlalweni ye-2013 Africa Cup of Nations, ngenxa yokushaywa indiva yiqembu lakhe i-Ajax Amsterdam.

Kodwa u-Igesund uthi ukholwa wukuthi iBafana iyamdinga lo mdlali.

"UThulani Serero ungumdlali obaluleke kakhulu. Uyakwazi ukudlula emadodeni futhi usamncane. UnguLionel Messi waseNingizimu Afrika,” kusho u-Igesund.

"Yize enokulimala, usuku nosuku ukhombisa ukuba ngcono. Kuyothi kuqala imidlalo uyobe eluleme ngokuphelele ukuthi angadlala imizuzu engu-90.”


 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-18°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-22°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...