USerero unethemba lokululama ngokushesha
2012-09-26 12:01
Johannesburg - UThulani
Serero unethemba lokuthi uzosheshe abuyele enkundleni ngemuva kwezindaba zokuthi
ngeke akwazi ukudlala cishe isikhathi esingangonyaka ngenxa yokulimala.
Isihlabani
seBafana Bafana sithole ukuxilongwa ngemishini ngoMsombuluko ntambama ngemuva
kokulimala emdlalweni owawungeSonto owaphela ngo 1-1, i-Ajax Amsterdam ibhekene
neDen Haag.
USerero
uthi usazophinde ahlolwe futhi ngesento elizayo ukuze kubonakale ukuthi
ngempela uzohlala isikhathi esingakanani engadlali.
“Odokotela
bazongazisa ukuthi bacabangani, mina nje okuzomele ngikwenze ukuthi ngenze
konke okusemandleni ami ukuthi ngisheshe ngilulame. Khona kuyakhathaza ngoba
besengiqala ukulithola njalo ijezi eqenjini. Kodwa-ke ebholeni ziyenzeka izinto
ezifana nalezi,” usho kanje etshela abeKickoff.com.
USerero
wafaka igoli lakhe lokuqala ngasekuqaleni kwenyanga, selokhu ajoyina i-Ajax
kanti ubese elithola ijezi ngaphansi komqeqeshi uFrank de Boer ngemuva
kokungadlali isikhathi eside ngenxa yokulimala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24