USerero akazilolongi neBafana Bafana

2014-11-17 11:08

Johannesburg - Umdlali weBafana Bafana, uThulani Serero, akazilolongi neqembu namhlanje ngoMsombuluko, ngenxa yokulimala.

USerero ushaye elinye lamagoli aqinisekise ukuthi iBafana inqoba ngo-2-1 ngesikhathi idlala neSudan ngoMgqibelo.

Ukunqoba kweqembu likaShakes Mashaba kwenze lazitholela indawo kweye-Africa Cup of Nations ezoba ngonyaka ozayo.

USerero akawuqedanga umdlalo wangoMgqibelo, ngemuva kokudonseka umsipha, kubika iSoccerLaduma.


Funda nalolu daba: 'UBale ungumdlali ongcono kakhulu kunoNeymar.'

IBafana izilolongela eNike Football Training Centre eSoweto ngaphambi komdlalo wayo wokugcina ozoba seNigeria ngoLwesithathu.

Okhulumela iBafana uMatlhomola Morake ukuqinisekisile ku-Twitter ukuthi uSerero akazange azilolonge neqembu lesizwe namhlanje ekuseni.   

IBafana kulindeleke isuke e-OR Tambo International Airport ilibhekise eNigeria ngo- 16:00. 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...