URosslee noDa Gama bamataniswa noSuthu
2012-09-17 12:05
Durban - Limfiliba ikusasa likaRoger Palmgren eqenjini AmaZulu njengoba iqembu liphinde lathelwa induku ngempelasonto, amahlebezi athi kungase kuqashwe uCraig Rosslee kanye no-Owen da Gama.
USuthu luthelwe ngehlazo yiSuperSport United, eyidle ngamagoli amathathu eqandeni, lokhu kushaywa kungokwesine izikhathi zilandelana.
Kuthiwa uPalmgren unukelwa wumnyango njengoba abaphathi boSuthu bezohlangana ukudingida ngokwehluleka kweqembu.
Umthombo oseThekwini utshele abezindaba zeKickOff.com ukuthi kungase kuxoshwe umqeqqeshi bese isikhala sakhe sivalwa nguDa Gama, oseke waqeqesha iPlatinum Stars, Bloemfontein Celtic, Orlando
Pirates kanye neFree State Stars.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24