URosslee akalilahlile ithemba

2012-12-19 12:41

Durban - Umqeqeshi waMaZulu uCraig Rosslee ukholelwa ukuthi ikhefu lePremiership ngenxa yemidlalo ye-Africa Cup of Nations ngoJanuwari lizofika ngesikhathi esihle njengoba bezothola ukuzilungiselela kahle.

URosslee, owaqokwa ngoNovemba 30, wehlulwe okokuqala ngoLwesibili.

"Siyalamukela ikhefu," kusho uRosslee kulandela ukwehlulwa.

"Ikhefu lizosinika isikhathi esanele sokuzilungiselela.

"Amasonto amahlanu yisikhathi esanele sokuzilungiselela kahle, kanti uma ngingakwazi ukudlulisa umyalezo kubadlali nabo bakuqonde engikufunayo, sizokwenza kahle."

IKaizer Chiefs ezihola phambili kuPremiership ishaye uSuthu ngo 2-0 eFNB Stadium.

Amagoli ashaywe nguMatthew Rusike ngesiwombe sokuqala noBernard Parker ngesiwombe sesibili, yiwo anqobise Amakhosi, kodwa uRosslee uthe ugculisekile ngendlela abadlali bakhe abadlale ngayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 11-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...