URenard uncome ukuzimisela kukaMweene
2013-01-22 07:45
Johannesburg - Umqeqeshi weZambia uHervé Renard uthi ubonga unozinti weFree State Stars uKennedy Mweene njengoba ezakhe zikwazile ukuthola iphuzu ngesikhathi kuvulwa imidlalo kaGroup C, kubika iKickOff.com.
Labo shampeni badlale ngokulingana ngo 1-1 ne-Ethiopia ngoMsombuluko ebusuku.
Babalelwa ku-20 000 abantu base-Ethiopia, abaphume ngobuningi babo beyoseka iqembu eMbombela njengoba izwe beliyingxenye ye-Africa Cup of Nations kusukela lagcina eminyakeni engu-30 eyedlule.
“Kumele sibonge unozinti wethu ngoba ngaphandle kukaKennedy
Mweene ngabe imiphumela ayijabulisanga neze," kusho uRenard.
“Badlale ngokuzimisela kanti lokho akungimangazanga," kusho lo mqeqeshi ebhekise ku-Ethiopia.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24