URenard ugaqele i-Afcon okwesibili

2012-11-15 14:02

Johannesburg - Umqeqeshi weZambia uHerve Renard uthi iqembu lakhe lizobhukula ukuze ligcine isicoco salo se-Africa Cup of Nations (Afcon), nezobanjelwa kuleli ngonyaka ozayo.

IChipolopolo yamangaza abaningi ngesikhathi iqumba phansi i-Ivory Coast ihlwitha le ndebe, kodwa uRenard ukholelwa ekutheni abadlali bakhe bagcwele ukuzethemba kanti ngeke basidedele kalula lesi sicoco.

"Iqiniso lithi siyilambele impumelelo ngakho sifuna ukunqoba," kusho uRenard ngemuva kokuthi iZambia iguqise iBafana Bafana ngo 1-0 koweNelson Mandela Challenge ngoLwesithathu ebusuku.

"Siyabuyela eNingizimu Afrika ukuyovikela isicoco sethu. Ngeke sisemukwe kalula.

"Uma kukhona osihlulayo, sobe sesiyamhalalisela."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngiyazi uMashaba uyangeseka - Middendorp

Emizuzwini eyi-17 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-21°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...