UPut usalokhu ekhala njalo ngonompempe
2013-02-07 10:02
Nelspruit - Umqeqeshi weBurkina Faso uPaul Put usale engemuhle emoyeni kulandela izinqumo eziningi zikanompempe ebezimshiya enemibuzo kwahlulelwa iqembu lakhe, kubika iKickOff.com
Ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1, iBurkina Faso ibe isiphuma phambili ngo 3-2 kuma-penalty idlulela okokuqala ngqa kowamanqamu e-Africa Cup of Nations, iguqisa iGhana.
UPut uthi ubese ebambelele ebhentshini ukudinwa ngesikhathi unompempe uSlim Jedidi waseTunisia elokhu eqhubekile nokuthatha izinqumo ezidayisa amaStallions.
UJedidi unikeze iGhana i-penalty, wanqaba ukunikeza iBurkina Faso elayo, wabaphuca igoli ebelibukeka lingenankinga, wase ekhipha uJonathan Pitroipa, ngekhadi lesibili eliphuzi.
“Ngicabanga ukuthi umuntu obedlala kakhulu kube ngunompempe," kusho uPut.
“Bese nginamahloni ngibona kahle ukuthi uzama ngazo zonke izindlela ukuvimbela ezami ukuthi zifinyelele kowamanqamu."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24