UPistorius uxolisile ngokuphawula kwakhe
2012-09-03 12:04
London - Umsubathi wakuleli ongenayo imilenze u-Oscar Pistorius wehlele ngezansi waxolisa kulandela ukukhalaza kwakhe ngesikhathi ephuma isibili kowe-T44 200m, kodwa wagcizelela ngokuthi ikhona inkinga ngalabo abanemilenze emide yokufakelwa.
UPistorius, nongaconsi phansi kuLondon 2012 Paralympics, uhlulwe kwamangala abaningi ngesikhathi ethola isiliva ehlulwa ngu-Alan
Oliveira waseBrazil ngeSonto.
Lo mdlali, 25, ube esekhwela ezidilikela ku-International
Paralympic Committee (IPC), ekhala ngokuthi umjaho lo ube nokwenzelela ngenxa yobude bemilenze yokufakelwa yabanye abasubathi.
"Bengingaqondile ukuphazamisa ekutheni kunakwe lowo onqobile kanti kumele ngixolise futhi ngendlela engikhulume ngayo nangesikhathi engiphakamise ngayo amaphuzu ami emjahweni wayizolo," kusho uPistorius esitatimendeni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP