UPattisoni ugxeke uMotsepe

2012-03-12 10:07

Johannesburg - Umdlali oshikisha ibhentshi uMatty Pattison usegxeke umnikazi weqembu iMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe, wathi ukushintsha kwakhe abaqeqeshi njalo yikho okubulala iqembu, kubika iKickOff.com.

Lo mgadli odlala ngokuzethemba kumanje ubolekiswe kwiSantos.

Ngesonto eledlule ukhulume wathi kuyamjabhisa ukuthi akaze afakwe ohlwini lwabadlali abaqala umdllalo kusukela kuqeqesha uJohan Neeskens.

“Ngokwami namanje kumele ngabe kusaqeqesha uHristo Stoitchkov, kodwa-ke uma ushintsha abaqeqeshi umzuzu nomzuzu angeke uze uphumelele,” kusho uPattison.

“Eminyakeni emibili ngiseqenjini bengithi ngidlala kahle,kodwa kuthe uma kufika umqeqeshi omusha kwacaca ukuthi unombono wakhe naye,” kusho lolu nyazi oseluke lwadlala nase-England.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Rain. Morning clouds. Cool. Pta: 19-33°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-32°C Rain early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Mild. PE: 16-23°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...