UParker uvuma amaphutha abawenzile
2013-01-22 12:11
Johannesburg - Iqale ngegiya eliphansi imidlalo yesi-29 ye-Africa Cup of Nations, ngesikhathi iNingizimu Afrika idlala umdlalo ongenamagoli, ibhekene neCape Verde, ngoMgqibelo.
Umbiko okhishwe yi-website yeSoccerladuma.co.za, uthi iNingizimu Afrika ihlulekile ukujabulisa abalandeli.
Umgadli uBernard Parker uqinisekile lokhu kukhuluma, ngesikhathi evuma ukuthi abadlalanga kahle, wathi kumele bashintshe ukwenza uma sebebhekene ne-Angola eThekwini.
UParker odlalela iKaizer Chiefs, ungumshayi magoli ohamba phambili ku-PSL, uthi abadlali bebenovalo ngesikhathi bevula umqhudelwano we-Afcon.
"Ngicabanga ukuthi besinovalo. Kumele siqinise ukudlala kwethu senze kangcono uma sesibhekene ne-Angola, kumele sidlale umdlalo wethu esiwujwayele, sihlasele. Asikwenzanga lokho ngesikhathi sibhekene neCape Verde."
“Uma sidlala umdlalo esiwujwayele nakanjani sizowina, ilokho esifuna ukukwenza. Kumele nakanjani senyuse amasokisi," kugcizelela uParker.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24