'UNtuka ubulawe umngani wakhe'

2012-01-23 09:26

Kroonstad - Owangumdlali wasemuva weBafana Bafana, iKaizer Chiefs neSupersport United, uJeffrey Ntuka, 27, ugwazwe washona ngesikhathi kusuka ingxabano edakiwe ngoMgqibelo, kubika iSunday World.
 
Lesisigameko senzeke ngezithuba zawo-03:00 ekuseni ngakubo kwentombi yakhe, uMorwesi Temeki.
 
Umngani kaNtuka, uTeboho Mthimkhulu uthi ukhulumile noNtuka ngesikhathi besaseStrikes Tavern kodwa wamtshela ukuthi usahleli noTshepo wasePitoli.
 
UMthimkhulu uthi: "Ngesikhathi ngihlangana noJeffrey, ungazise kuTshepo nakwabanye abantu abebenaye emotweni."
 
USana Moeketsi ozibonele utshela abeSunday World ukuthi "kuqhamuke abalisa abangu-7 abane kubona kuthe sebezodlula imoto kaTshepo, uJeffrey wacela ukulayithiswa ugwayi koyedwa wabo okungu Mix Leshodi.
 
"Bamnikile umentshini kwathi abanye abalisa kubona baya emotweni.

Ingxabano
 
"UTshepo ube esecasuka wabatshela ukuba abasuke emotweni yakhe uma kungenjalo uzobabula.
 
"Bahambile kodwa ngemuva kwesikhashana babuya futhi, uJeffrey ube esephuma emotweni wabatshela ukuthi ufuna ukuba yedwa nabangani bakhe."
 
Ozibonele uthi uNtuka utshele uMix,okuthiwa wayengumngani wakhe omdala, ukuba bahambe, kube sekusuka ingxabano phakathi kukaMix nNtuka.
 
"UNtuka washaya uMix ngempama ngemuva kwalokho uMix nabangani bakhe bahamba kodwa ngokuhamba kwesikhathi babuya sebezolwa.
 
"Oyedwa kulabalisa ukhiphe ummbese. Ngazama ukumdonsa uNtuka kodwa ubesevele esegwaziwe."
 
Intombi kantuka ithi kumanje ikhulelwe ingane yalesisihlabani.
 
Unkosikazi kaNtuka, uPhumzile uthi umyeni wakhe uphume endlini ngoLwesine ehamba nomngani wakhe.
 
Ubhuti kaNtuka, uThabo uthi: "Uyena okhombe isidumbu. Amaphoyisa ayaphenya."
 
Okhulumela amaphoyisa aseMaokeng, uLanga Maselela uthi kuvulwe icala lokubulala.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Akucaci ngeminyaka kaMeyiwa - Umbiko

Emizuzwini eyi-30 edlule
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered clouds. Mild. Pta: 17-25°C a few tstorms. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-18°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-21°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-24°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C Showers early. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...