UNtshumayelo ufuna ukugcina uJali ebhentshini

2012-02-24 11:50

Johannesburg – Umdlali odlala esiswini eqenjini le-Orlando Pirates, uThandani Ntshumayelo uthi ufuna ukuqhubeka ngokudlala kahle phambili ko mdlalo wabo weligi olandelayo, kubika iKickOff.com.

IPirates izohlangana neMaritzburg United e-Orlando Stadium emdlalweni wePremier Soccer League ngeSonto, futhi uNtshumayelo uthi ufuna ukugcina u-Andile Jali ebhentshini.

Lo mdlali odlalela iqembu lesizwe labadlali abangaphansi kweminyaka engu-23 usedlale kahle emidlalweni ayiqalile eqenjini lakhe Elisha.

"Nginehlanhla ngoba ngidlala nabadlali abadlala kahle, yilokho ngiqale kahle," ushilo uNtshumayelo ekhuluma neKickOff.com.

Emuva kokushaywa yiRecreativo do Libolo yase-Angola emdlalweni weCAF Champions League, umqeqeshi wePirates, uJulio Leal ushiye u-Andile Jali ngaphandle emdlalweni wabo wokugcina ne-Platinum Stars.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...