UNematandani uncome i-Afcon

2013-02-11 16:24

Johannesburg - Umengameli weSA Football Association uKirsten Nematandani, usencome wonke umsebenzi oqhubeke ngesikhathi kubanjwe imidlalo ye-2013 Africa Cup of Nations, wathi konke kuhambe ngendlela.

Imidlalo idonse amasonto amathathu, yaphela ngeSonto ebusuku ngomdlalo wamanqamu obe phakathi kweNigeria neBurkina Faso, kwagcina kunqoba amaSuper Eagles ngo 1-0.

"Mayelana nokuziphatha kwabantu, izinga lemidlalo, inhlangano uqobo lwayo kanjalo nabo bonke abanye ababe yingcenye ye-Afcon, singathi konke kuhambe ngohlelo," kusho UNematandani, esitatimendeni ngoMsombuluko.

"Ubumnandi kakhulu umuzwa, ungazwakali kuleli laseNingizmu Afrika kuphela, kodwa wonke amazwe abewuzwa."

INingizimu Afrika yasingatha imidlalo yendebe yomhlaba yango-2010, yase iphinda ithola ithola ithuba lokusingatha i-Afcon, kulandela ukuqhubeka kodlame ezweni laseLibya ekuyilo ebekumele lisingathe imidlalo.

Izincomo ziqhamuke kwabeSafa, iConfederation of African Football (Caf) kanjalo nekomidi elihlela imidlalo, noma kunjalo, abadlali bayigxeke kakhulu inkundla iMbombela Stadium, ekudlalelwe kuyo imidlalo eyisishiyagalombili, bethi ayikho sesimweni.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Mild. Pta: 20-31°C a few tstorms. More clouds than sun. Hot.
Jhb: 16-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm. Bloem: 17-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Passing showers. a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 14-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...