UNeeskens ushiye angalazi kubadlali bakhe

2012-11-23 12:05

Johannesburg - UJohan Neeskens ujikele abadlali bakhe ngemuva komdlalo wangoLwesithathu ebusuku weligi abawudlala ngokulingana naMaZulu, ngengoba eseshintsha ukukhuluma, ekhala ngokungazinikeli nangendlela abadlali abalahla ngayo amathuba, kubika iKickOff.com.

Ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neqembu elingenzi kahle njengabo kukhombise ukuthi iSundowns namanje ayikabi nakho ukuzethemba njengoba behlulekile ukudlala koweligi ngendlela abenza ngayo koweTelkom Knockout.

Okokuqala kule sizini, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, useshintshe ukukhuluma, wajikela abadlali bakhe wathi kumele banyuse amasokisi uma befuna ukuphuma otakwini abakulona.

Ezinyangeni ezedlule, njengoba iSundowns ingadlali nje kahle futhi isemsileni weligi, lo mqeqeshi waseHolland ubelokhu ethi nakanjani bazowaphendula amatafula ngokubona indlela abenza kahle ngayo ejimini.

"Angilindele ukuthi badlale ngendlela encomekayo, kodwa ngifuna ukubona ukuzimisela. Bangakwenza lokho uma bezimisela," kusho uNeeskens.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UBaxter udidekile ngonozinti koweMTN8

Emizuzwini eyi-11 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-35°C Showers late. Afternoon clouds. Hot. PE: 14-21°C Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...