UNeeskens usanethemba ngeSundowns
2012-11-08 07:50
Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uJohan Neeskens uthi akulahlwa mbeleko ngakufelwa ngakho uyathemba ukuthi ezakhe zizobuya zibaselwe kulandela ukuguqiswa yi-Orlando Pirates, kubika iKickOff.com.
ISundowns ishaywe ngo 3-1 yiPirates eLoftus Stadium kanti manje isihlezi emsileni weligi namaphuzu amahlanu njengoba isawine umdlalo owodwa nje vo.
UNeeskens ukholelwa ekutheni iqembu lidlale kahle kodwa lashoniswa amaphutha eliwenzile.
“Akungabazeki ukuthi ngikhathazekile ngokuhlulwa yiPirates. Iqembu liqale kahle kakhulu umdlalo kodwa izinto zibhede ngesikhathi sesiqala ukungenisa amagoli," esho.
Yize ikhula ingcindezi eChloorkop, uNeeskens akabukeki ezimisele ngokudedela izintambo njengomqeqeshi weSundowns.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24