UNdulula uselindele ukugijima kuMaZulu
2013-02-01 07:45
Johannesburg - Lowo obengumgadli we-Orlando Pirates uBongani Ndulula uthi ujabule kakhulu ngokuthi angase athole ithuba eliningi enkundleni kulandela ukujoyina aMaZulu, kubika iKickOff.com
UNdulula, nosayine inkontileka yezinyanga ezingu-18 noSuthu, ubechitha isikhathi esiningi efudumeze ibhentshi kuPirates.
Uthi ulindele isiqalo esisha eThekwini.
"Bese ngithole abangani abaningi kanti ngikujabulela nokudlalela iqembu elikhulu kuleli, kodwa manje isikhathi sokuthi ngiqhubekele phambili.
"Yize ngingasitholanga isikhathi esiningi sokudlala kuPirates, kodwa ngifunde lukhulu kubagadli abafana noBenni McCarthy.
"Ngithemba ukuthi engikufunde kuPirates kuzongisiza ukuthi ngikhule ebholeni," kusho uNdulula.
U'Drogba' kulindeleke ukuthi alibhekise eThekwini ngoLwesihlanu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24