UNale uzobuyela ejokeni

2012-09-12 13:11
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uJimmy Tau, ngeke adlale uma leli qembu selibhekene neBlack Leopards ngoMgqibelo eFNB Stadium, kodwa uAbia Nale yena angase adlale, kubika iKickOff.com.

UTau usebuyele ekuzilolongeni ngokugcwele neqembu ngemuva kwezinyanga ezintathu engadlali ngenxa yokulimala eqakaleni, kodwa nakuba kunjalo umqeqeshi weziMpofana uStuart Baxter uthi lo mdlali akakakulungeli ukudlala.

Ngakolunye uhlangothi, uNale yena obenikwe ikhefu ngemuva kokudlula emhlabeni kukababa wakhe, ngenyanga edlule, ngokusho kukaBaxter wenza ezibukwayo ejimini.

"UJimmy akakakulungeli ukudlala, kodwa uNale usekulungele. Wenza into encomekayo ejimini,” kuqhuba umqeqeshi.

UNale angavala isikhala sikaSiphiwe Tshabalala, uma ephunyuzwa kulandela ukuthola kwakhe ukulimala ngesikhathi iBafana idlala neMozambique ngoLwesibili.

"Ngibone uShabba ephuma ungakapheli umdlalo ngenxa yokulimala kanti futhi okwamanje asinalo ulwazi lokuthi ulimale kangakanani," esho


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UMahamutsa uthembisa abalandeli

Emizuzwini eyi-21 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...