UMyeni uzolwela ijezi leBafana

2012-10-09 10:05

Johannesburg - Ngemuva kokudlala indima ebonakalayo ngesikhathi i-Orlando Pirates iqeda ukungashaywa kwe-University of Pretoria, uSifiso Myeni usekulungele ukuthola isikhala kuBafana Bafana, kubika iSowetan.

UMyeni ubaliwe esikwatini esizodlala imidlalo yobungani emibili nePoland, eNational Stadium ngoLwesihlanu baphinde badlale neHarambee Stars eNairobi ezinsukwini ezine eziyolandela.

IPoland izosebenzisa lo mdlalo neBafana ukuzilungiselela owokuhlungelwa i-2014 Fifa World Cup nalapho bezobhekana khona neNgilandi ngo-Okthoba 16.

"Kuyinto enkulu kakhulu ukumela izwe lakho, ngiyajabula ngokuba yingxenye yesikwati esakhiwa ngumqeqeshi uGordon Igesund," kusho uMyeni.

"Angikholwa ukuthi yimina wonke lo osemele izwe.

"Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule bengibukele ngisebhentshini kulandela ukulimala."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...