UMwaruwari usezogijima kuChilli Boys

2013-02-27 16:30

Cape Town - IChippa United isiqinisekise ukusayiniswa kukaBenjani Mwaruwari, odabuka eZimbabwe, nodlale isikhathi eside phesheya kolwandle.

UMwaruwari unikwe inkontileka yonyaka, kanti ubekade edlala eNgilandi, edlalela amaqembu afana neManchester City, Sunderland nePortsmouth, kusho umbiko we-Eyewitenss News.

Lo mgadli uke waziqeqesha ne-Ajax Cape Town, wadlala emdlalweni wobungani, nokho bangamsayinisa.

UMwaruwaru useqalile ukuzilolonga neChilli Boys.

INhloko yezokuxhumana eqenjini uLukhanyo Mzinzim uthi bathokozile ngokuthola lo mgadli.

"Kubalulekile ukushaya amagoli, wonke umuntu uyazi ukuthi akulihambeli kahle iqembu kulezi zinsuku.”

Leli qembu laseKapa, lizama ukuvika izembe njengoba lingene okokuqala kwi-Premier Soccer League, lisuka kwi-National Division.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...