UMphela uthi uselindele i-Angola
2013-01-21 07:40
Durban - Umgadli weBafana Bafana uKatlego 'Killer' Mphela ukholelwa ekutheni nakanjani ezakhe kumele ziphume phambili emdlalweni wazo ne-Angola, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kubika iKickOff.com.
UMphela, noqale umdlali ophele ngaphandle kwamagoli esebhentshini, obuphakathi kwezakhe neCape Verde
Islands, ungene ngesiwombe sesibili endaweni kaLehlohonolo Majoro.
Uqinisekisa ngokuthi bazimisele ukunqoba iPalancas Negras.
“Kuhlezi kubalulekile ukunqoba umdlalo wokuqala emncintiswaneni omkhulu njengalona ngoba kususa ingcindezi," kusho uMphela.
“Asingalilahli ithemba ngoba hleze umdlalo olandelayo uze nemiphumela edingekayo. Kumele siyiguqise i-Angola," kusho lo mdlali weMamelodi Sundowns.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24