UMphela uthi sekuyalunga ngaye
2013-01-24 10:02
Durban - Umdlali weBafana Bafana uKatlego Mphela ubhukule kwabonakala ukuthi akakalulami ngokugcwele ngesikhathi ezakhe zibhekene ne-Angola kodwa uthi sekuyalunga.
IBafana iguqise i-Angola ngo 2-0 ukuqhubeka nerekhodi lokuthi ayikaze ishaywe yi-Angola, kulandisa iKickOff.com.
Amagoli avalelwe nguSiyabonga Sangweni noLehlohonolo Majoro.
UMphela uthi akanandaba nokuthi akazange afake goli , inqobo nje uma iqembu liphumelele.
"Akungikhathazi ukuthi angifakanga magoli. Ngicabanga ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ngizobe sengibuyele esimweni sami esejwayelekile," kusho uMphela.
Umqeqeshi uGordon Igesund wenze ushintsho obeludingeka nolumsebenzele ngesikhathi eqala ngoDean Furman noMay Mahlangu esikhundleni sikaKagisho Dikgacoi noYeye
Letsholonyane.
UFurman uthe ukuthokozele ukudlala noMahlangu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24