UMphela uthembisa okwehlukile
2012-07-13 12:06
Johannesburg – Umgadli weMamelodi Sundowns uKatlego Mphela unethemba lokuthi uzolulama ngokushesha kulandela ukuhlinzwa edolweni, ukuze benze kangcono kunesizini eyedlule ephele belambatha, kubike i-Football365.co.za.
UMphela ngeke adlale emidlalweni yokuqala yesizini njengoba esanda kuhlinzwa nje.
Kodwa, lo mdlali, ona-27 ubudala, uthi ululama kahle kanti angabuya ngokushesha kunalokhu okulindelekile.
“Ngizizwa ngingcono manje futhi sengiyakwazi nokuzihambela kahle bungekho ubuhlungu,” kusho uMphela ku-website yeDowns. Ukuhlizwa kwahamba kahle,” kusaqhuba yena.
"Ngifuna ukufaka amagoli ngesizini ezayo, ngifuna ukusiza iqembu lami ukuba kube nokuthile elikunqobayo.”
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24