UMourinho weseka uVan Gaal

2014-09-08 12:31

Durban - Umqeqeshi weChelsea, uJose Mourinho, usezwakalise ukweseka uLouis van Gaal wathi uzophumelela kuManchester United.

UMourinho, owake wasebenza ngaphansi kukaVan Gaal iminyaka emithathu  kuBarcelona, ukholelwa wukuthi lo mqeqeshi waseHolland angakwazi ukudlulisa i-United kulesi sivunguvungu ebhekene naso kulandela ukungayiqali kahle isizini, kubike iSoccerladuma.

“Ungomunye wabaqeqeshi abaphambili emhlabeni, ngakho-ke ngicabanga ukuthi ungumuntu
owufanele lo msebenzi,” kusho uMourinho etshela abe-Eurosport-Yahoo.

Funda olunye udaba: UVan Gaal usebeke ithemba kuRooney.

“IManchester United iyiqembu elikhulu, ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu, ngakho bazokwenza kahle, usho kanje.”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...