UMourinho ukhale ngonompempe ngemuva kwenduku

2014-08-04 11:31

Cape Town - Umqeqeshi weChelsea, uJose Mourinho, ugxeke unompempe ngokushaywa kweqembu lakhe ngo-3-0 ngesikhathi lidlala neWerder Bremen kowobungani, kubike iSoccerladuma ngoMsombuluko.

UMourinho ukholelwa ukuthi unompempe uHarm Osmers uwuphendule inhlekisa umdlalo wabo ngemuva kokunikeza iBremen ama-penalty amabili.

Iqembu iChelsea liqale ngesikwati esiqinile, okubalwa kuso abadlali abafana noDiego Costa, Fernando Torres, Cesc Fabregas noThibaut Courtois – kanti uDidier Drogba yena ungene ngesiwombe sesibili – kodwa lo mqeqeshi uthi lo mdlalo wabo ufane nokuzimoshela isikhathi nje.

"Akukho angikufundile kulo mdlalo," kusho uMourinho etshela abe-Sky Sports

"Izinto ebesizilindele azenzekanga, besifuna umdlalo onzima kodwa unompempa wakhetha ukwenza izinto ngenye indlela,” kusho lo mqeqeshi wasePortugal.

UMourinho uphinde wathi akanankinga nokuthi uFrank Lampard ajoyine iManchester City.

"Akanayo inkontileka, angenza noma yini ayithandayo,” kuqhuba lo mqeqeshi. 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...