UMoon akayena umbulali - Ummeli
2013-01-25 10:01
Johannesburg - Lowo owayedlalela iBafana Bafana uBryce Moon wayengazimisele ngokubulala muntu ngesikhathi eshayisa umsebenzi wasemakhishini eSandton embulala, kusho umbiko ngoLwesihlanu.
Ummeli kaMoon uNaren Sangham utshele iNkantolo yeMantshi yaseRandburg
ngoLwesine ukuthi kungukuphambuka ukuthi ikhasimende lakhe libekwe icala lokubulala nelokuzama ukubulala, kubika iThe Star.
"Kumele lihoxiswe icala lokubulala," kucashunwa uSangham.
Uphinde wathi uMoon kumele angayamaniswa necala lokubulala ngokungenhloso, wathi uMbuso kumele uveze ubufakazi obushaya esikhonkosini ukuthi uMoon wayeshayela budedengu ngesikhathi kwenzeka le ngozi.
UMoon, 26, usolwa ngokushayisa abulale uMavis Ncube kuKatherine Street, eSandhurst, ngoJuni 2009.
Ubhekene namanye amacala okushayela ecwile ezinkambeni zikaFaro nokushayela budedengu.
Isinqumo sizokhishwa ngoMashi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA