'UModise ubuyele ukuzolungisa izinkinga zakhe'

2013-01-31 14:02

Johannesburg - IMamelodi Sundowns isiphumele obala yathi umgadli wayo uTeko Modise, ushiye iqembu eZimbabwe wabuyela ekhaya, ezolungisa izinto ezithize eziqondene naye.

UModise kanye neqembu, bahambele kwaBulawayo ngoMsombuluko, kodwa kuthe ngoLwesithathu wabuyela emuva eNingizimu Afrika, engabanga ingxenye yomdlalo wesihle.

AmaBrazilians anqobe umdlalo wawo ngo 2-0, eshaya amaHighlanders, aseZim.

ISundowns izoqhubeka nokuhlala eZimbabwe, njengoba kuqhubeka imidlalo, ngoLwesihlanu izodlala neCAPS United, bese ngeSonto idlala neDynamos.

Umkhulumeli weqembu uKabelo Mosito, utshele abezindaba zeKickOff.com wathi uModise uzolungisa izinto eziqondene naye ngqo, hhayi neqembu.

“UTeko unezinkinga ezimphoqe ukuthi abuyele ekhaya, kungenza abuyele emuva uma konke kusheshe kwalungiseka," kusho uMosito.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Angase abeke amakhokho ethala oweDowns

Emizuzwini eyi-23 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Sunny. Cool. Pta: 17-29°C Showers late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 15-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...