UMngqithi uncome ukuzimisela kukaGumede

2013-02-20 12:01

Durban - Umqeqeshi weGolden Arrows uManqoba Mngqithi usencome unozinti uNkosingiphile Gumede ngokuqinisekisa ukuthi badlala kangcono ngesikhathi bebhekene neMamelodi Sundowns, kubika iKickOff.com.

Leli qembu laKwaZulu-Natal lidlale namaBrazilians zabambana ngo 1-1 eLoftus Stadium, kanti lo nozinti osemncane uthole ukunconywa okukhulu ngokudlala kahle akutshengisile.

“Kumele anconywe unozinti wethu osemncane, nguye oqinisekise isithunzi sethu kulo mdlalo ngesikhathi iSundowns ibifuna ukuqeda ngathi," kusho uMngqithi.

Umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane ube esejobelela: “Udaba luyazixoxa, uma unozinti eba yiMan of the Match, kodwa okubalulekile ukuthi besidlala neqembu ebelizimisele."

Unezezele ngokuthi badlale ngakho konke abanakho kwala wona amagoli, njengoba begcine ngelilodwa, uthi kodwa kusekukhulu okuzayo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...