UMiddendorp uvikele uNkausu

2014-03-31 14:04

Johannesburg - Umqeqeshi weBloemfontein Celtic u-Ernst Middendorp uvikele umdlali wakhe wasemuva uDavis Nkausu ngemuva kokuba lo mdlali waseZambia egxekwe ngumqeqeshi woSuthu uCraig Rosslee.

URosslee, ngemuva komdlalo, uthe uNkausu bekumele ajeziswe ngokudlala kabi usuphela umdlalo wePremiership obuseBotshabelo, ophele kungekho ofuna ukugoba uphondo.

"Anginankinga noDavis, ngiyamthanda njengomdlali, kodwa uze endiza njengoSuperman, ngezinyawo zombili," kusho uRosslee.

"Lokho akwamukelekile, futhi ngimbonile unompempe emxwayisa kodwa ngicabanga ukuthi bekumele angabathambiseli isandla. Ngokubona kwami bekumele athole ikhadi elibomvu.

"Le nto eyenzile ibizwa ngokulwa.  Awukwazi ukuya komunye umdlali uphakamise izinyawo zombili. Uma wenza lokho ungamphula omunye umdlali angaphinde adlale ibhola."

UMiddendorp uziphendulele kuRosslee ngokuthi athi ibhola wumdlalo ezivamile izinto ezifana nalezi, ukuba abadlali bashayisane, wathi lo mqeqeshi uzama ukuvikela abadlali bakhe nje.

"Uma uRosslee engakwazi ukufundisa abadlali bakhe ukuba baqine, kudingeka ahlale ekhaya.

"Akusiwona umsebenzi wethu njengabaqeqeshi ukugxeka abanye abadlali.

"Ngicabanga ukuthi lokho akwamukelekile futhi kumele kungavunyelwa."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...