UMeyiwa utshengisa ukuzimisela - De Sa

2012-11-08 12:01

Pretoria - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger De Sa ube nezincomo ezingapheli ngonozinti uSenzo Meyiwa ngemuva kokumnikeza ithuba lesithathu lokuqala umdlalo kuligi kule sizini.

UMeyiwa uhlulwe yigoli elilodwa kuphela nelingene sekusele amanenjane umdlalo uphele ngesikhathi iPirates inqoba ngo 3-1 iguqisa iMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld.

UDe Sa umangaze abaningi ngokufaka uMeyiwa, 25, nokusukela kwathini udlalela ezikaMagebhula njengoba ajoyina amaBhakabhaka esuka eqenjini lamazinga aphansi khona kuleli qembu.

"Uma ngikhetha abadlali kusuke kungenxa yengikubonile uma bezilolonga," kusho uDe Sa ngemuva kokunqoba.

"USenzo wenze into yamehlo kula masonto ambalwa edlule. Usebenze kanzima.

"UMoeneeb Josephs akadlali njengakuqala, kukhona la entenga khona, ngase ngibona kukuhle ukuthi nginikeze uMeyiwa ithuba."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...