UMeyiwa ushone ezama ukuvikela intombi yakhe

2014-10-27 08:35

Cape Town – UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGauteng uSizakele Nkosi-Malubane uhambele indawo yesigameko lapho kudutshulwe kwabulawa khona unozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.

Kuthiwa uMeyiwa ushone evikela intombi yakhe engumculi we-Afro Pop, uKelly Khumalo.

“Kungene abalisa ababili kulo muzi banxenxa ukuthi laba balethe omakhalekhukhwini, imali nokunye okubizayo. USenzo ubezama ukuvikela uKelly ngoba esinye sezigebengu besimkhombe ngesibhamu.”

OLUNYE UDABA: Sizobathola ababulali bakaMeyiwa - SAPS

Uthe ngesikhathi uMeyiwa egxumela ukuvikela uKhumalo, ube esedubuleka emhlane inhlamvu yayophuma esifubeni.

UKhumalo, obegcwele umunyu, ubonakale eshayela imoto kaMeyiwa ephelezelwa amaphoyisa.

UMeyiwa ushonele emagcekeni aseBotshelong Hospital.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
21 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...