UMeyiwa ubizwe kuBafana

2012-12-11 14:31

Johannesburg - Umdlali wasesiswini odlala eBelgium u-Ayanda Patosi nonozinti we-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa babizelwe ukuthi babe yingxenye yesikwata esizobhekana neMalawi emdlalweni wesihle, ozobanjelwa eThekwini ngesonto elizayo.

Umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund ubize noSiyanda Xulu, odlala eRussia, wabuyisa nomdlali weKaizer Chiefs uTsepo Masilela nowe-Orlando Pirates, uDaine Klate, abakade bagcina ukubonakala eqenjini lesizwe.

UKatlego Mphela ungomunye wabadlali ababiziwe abangase babonakale kulo mdlalo wango mhlaka-22 Disemba ozobanjelwa eMoses Mabhida Stadium.

Abadlali baka-Igesud bahlanganisa uDarren Keet, Eric Mathoho, Anele Ngcongca, Andile Jali, Teko Modise, Bongani Khumalo, Ricardo Nunes, Kagisho Dikgacoi, Dean Furman, Thulani Serero noBenni McCarthy.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IBafana ihlalelwe yisikweletu - Mokotjo

Emizuzwini eyi-11 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...