UMbuyane noJosephs babuyele ejokeni

2012-11-28 12:03

Johannesburg - UThulasizwe Mbuyane noMoeneeb Josephs be-Orlando Pirates sebebuyele ekuzilolongeni, kanti uRudolf Bester, Andile Jali noBheki Nzunga bona abakalulami ngokugcwele.

UMbuyane ubengaphathekile kahle empilweni, kodwa udokotela weqembu uJohn Williams uveze ku-website yeqembu ukuthi lo mgadli useluleme njengoba ebuyele ekuzilolongeni ngoLwesibili, kubika iKickOff.com.

"U'Juju' uqalile ukuzilolonga nabanye abadlali ngoMsombuluko," kusho uWilliams.

"Ubukeka engcono kakhulu, uzophinde abone udokotela futhi kulona leli sonto.

"UBester yena usasekhaya lapho elulamela khona, kanti uzoya kudokotela ngaphambi kokubuyela emsebenzini."

Unozinti uJosephs useluleme ngokugcwele njengoba esebuyele enkundleni, kanti uJali noNzunga kulindeleke ukuthi babuye emasontweni amabili ezayo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UPhungwayo uqale izingxoxo neqembu lakhe

Emizuzwini eyi-23 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-31°C Heavy rain. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-24°C Numerous showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-23°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. PE: 18-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...