UMbesuma uthembisa ngokwenza umehluko

2012-08-16 14:03

UCollins Mbesuma oqeda kusayiniswa yi-Orlando Pirates usethembise ngokuletha into ehlukile nezosiza iqembu kule minyaka emithathu azoyihlala nalo, kubika iKickOff.com.

Ukuthengwa kuka'Ntofontofo kumangaze abaningi.

"Ngeke kube lula ngenxa yokuthi iPirates iqukethe abagadli abanohlonze, kodwa ngizodlala ngokuzimisela," kusho uMbesuma.

Lo mdlali owazakhela udumo ngesikhathi edlala kuKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns neMoroka Swallows uthe ukuya kwakhe kuGolden Arrows nakumaBhakabhaka kutshengisa intshisekelo anayo ngokuqhudelana nabanye abagadli abangaconsi phansi kuleli.

Umqeqeshi wePirates u-Augusto Palacios uthe lo mdlali waseZambia usevala amabhuku kuleli qembu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesayine kuPirates uQalinge

2014-07-30 16:00
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...