UMbalula uklomelise aMajita naMajimbos ngokwenza kahle

2014-10-11 13:28

Johannesburg - UNgqongqoshe wezemiDlalo, uFikile Mbalula, ngoMgqibelo unikeze iSA Football Association (Safa) amasheke amabili ka-R220,000 ngokudlala kahle kwamaqembu amabili esizwe amancane.

Amaqembu eNingizimu Afrika abangaphansi kweminyaka engu-17 ubudala kanye nelabangaphansi kweminyaka engu-20 ubudala aklonyeliswe ngo-R110,000 iqembu ngalinye ngokuzitholela indawo emiqhudelwaneni ye-African Youth Championship ezobanjwa ngonyaka ozayo.

Iqembu lamaJita lashaya iCameroon kanti amaJimbos wona ashaya iGibhithe.

Funda nalolu daba: Umunyu uMashaba evalelisa kuMajita.

“Ngizelapha ngiphethe izipho ezimbili, okungezemali,” kusho uMbalula engqungqutheleni yeSafa ebanjelwe eGoli.

“Yizipho zentsha yethu engaphansi kweSafa. Abadlali abadlalala aMajita naMajimbos, abayikusasa leBafana Bafana.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...