UMasuku uphawula ngokufaniswa noJabu Mahlangu

2015-06-08 14:34

Johannesburg – Igama likaMenzi Masuku likhula ngesivinini kubalandeli bebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, ngokusho kombiko.

Ngokubika kweSoccerLaduma lo mdlali oneminyaka engu-22 odabuka eThekwini usazithobile nakuba eqhathaniswa nenkakha yeKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uJabu ‘Shuffle’ Mahlangu (Pule).

Lo mdlali onethalente eliyisimanga ufaniswa noJabu ngezikhathi zakhe esalihlikihla.

“Angazi ukuthi ngifaniswa noJabu. Wayengumdlali osezingeni eliphezulu. Angiziboni ngifana noJabu.

OLUNYE UDABA:AmaZayoni achitha eyokusayina uMandla Masango

"Wayebaba kakhulu kunami ukuthi ngingaze ngiqhathaniswe naye,” uMasuku esho.

“Kodwa ngizizwa ngihloniphekile ukuthi ngifaniswa naye.

Lokhu kusho ukuthi kumele ngisebenze kanzima ukuze ngingabaphoxi abantu abangesekayo.”

“Kimina lokhu kuchaza ukuthi ngihamba ngomzila ofanele emdlalweni wami,” kusho lo mdlali owahlabana nendondo yegoli lesizini lapho adedela khona intululwane eyashiya unozinti weSuperSport uRonwen Williams efana nebhantshi elikhothengiwe.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...