UMarques uncome ezakhe

2013-02-27 10:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umqeqeshi weMoroka Swallows uZeca Marques uthi uhlabeke umxhwele ngendlela ezakhe ezidlale ngayo ngesikhathi zithela othulini i-Orlando Pirates, emdlalweni wangoLwesibili ebusuku.

IBhakabhaka liphinde lakhala ngaphansi, lidlilwa ngo 3-2, kulo mdlalo obanjelwe eDobsonville Stadium.

Lo mqeqeshi owaziwa ngokukhumula ibhantshi uma ezakhe zishaya igoli, wenze okungajwayelekile ngesikhathi eqinisela, engalikhumuli iZinyoni zishaya phakathi.

"Kade sizilungiselela lo mdlalo. Ngibatshele ukuthi uma bengakwazi ukuncisha iPirates ithuba, singakwazi ukunqoba umdlalo," kusho uMarques.

"Ngiyajabula ukubona ukuthi abadlali babuyelwe wumfutho."

Umqeqeshi wePirates uRoger De Sa uthe abadlali bakhe balahle amathuba amaningi.

Ishaywa nje iPirates, ibuya ekuthelweni ngehlazo yiqembu elingaziwa iMaluti FET College, eyayishaya ngo 4-1, ngoMgqibelo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...