UMarques ukhala ngamaphutha eSwallows

2012-12-17 13:32

Johannesburg - Umqeqeshi weMoroka Swallows osenkingeni uZeca Marques usola ezakhe kulandela ukuhlulwa okwesihlanu kulandelana emidlalweni yeligi wathi amaphutha ababuyisela emuva, kanjalo nabadlali abangalaleli.

"Ngijabhe kakhulu ngemiphumela yeqembu, la maphutha enziwa ngabadlali abafuna ukugqama bodwa ayasibambezela," kusho uMarques.

"Ngebhadi sengibone amaphutha amaningi ngokuphindwa kubadlali basemuva, yize ngikhulumile nabadlali abathintekayo."

Ishobolo leDube Birds liqhubekile ngeSonto ngesikhathi iguqiswa yiBloemfontein Celtic, nengompetha beTelkom Knockout, ngo 2-1 eFree State Stadium.

ISwallows, nengoshampeni beMTN 8, beyibukeka izimisele ngokubuya ngemuva kwegoli likaKatlego Mashego ngesiwombe sokuqala.

"Ngeke sikwazi ukudlala ibhola elihle sibe sidedela amagoli," kusho lo mqeqeshi weZinyoni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Rain late. Partly cloudy. Mild.
Jhb: 7-20°C Showery. More sun than clouds. Mild. Bloem: 0-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...