UMarques ujabule ngemiphumela
2012-12-20 12:25
Johannesburg - Umqeqeshi weMoroka Swallows onomsebenzi olengela eweni uZeca Marques uthe wenelisekile ngesikhathi ezakhe zivala ishobolo lokungawini ngesikhathi ezakhe ziguqisa iPlatinum
Stars ngo 2-0 eDobsonville.
UMarques, nodume ngokukhumula ijakhethi ayilahle emoyeni uma ezakhe zifake igoli, wenze okuhlukile ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi ehlala ethula ezakhe zibhakuzisa inethi.
"Akubuzwa ukuthi imiphumela isijabulisile, sitshengise ukuzimisela okukhulu," kusho uMarques.
"Lokhu kuwina kuyisipho esihle kakhulu sikaKhisimusi kimina."
UBennett Chenene noKatlego
Mashego yibo abashaye amagoli anikeze iZinyoni amaphuzi amathathu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA