UMarques ugxibha unompempe uGomes
2012-11-21 07:37
Johannesburg - Umqeqeshi weMoroka Swallows uZeca Marques ugxeke unompempe uVictor Gomes kulandela ukuhlulwa kweqembu lakhe ngo 3-2 ngesikhathi lidlala neKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoLwesibili.
Into abayibangayo imizuzu eyisikhombisa engezwe nguGomes ekupheleni komdlalo.
"Uyisuselaphi leyo mizuzu eyisikhombisa?" kubuza uMarques ekhuluma nabeKickOff.com.
ISwallows ibisethubeni lokuphuma nephuzu elilodwa, kodwa lokho kwashabalala ngesikhathi uLehlohonolo Majoro
evalela phakathi igoli ngemizuzu engeziwe.
UMarques ukhala ngokuthi "umdlalo bawemukwe ezandleni".
"Asizange sihlulwe, kube nesandla semfene nje," esho ngokucikeka.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24