UManyama uncoma uMokeke

2014-02-03 14:02

Johannesburg - Umgadli weSuperSport United uLebogang Manyama, uthi ukujoyina iqembu okwenziwe nguThato Mokeke, yisinyathelo esihle kakhulu asenzile.

Bobabili abadlali bajoyine i-United besuka eqenjini laseKapa i-Ajax Cape Town, kusho abezindaba zeKickoff.

UManyama wajoyina iqembu ngenyanga kaJanuwari kanti uMokeke usanda kujoyina njengoba bekuvulwe iwindi lokugcogcoma kwabadlali.

"Wonke umuntu uyazi ukuthi uThato unekhono kangakanani, ibhola ukwazi ukulidlala ngengqondo nangezinyawo, kusho uManyana.

"Uwumdlali osezingeni eliphezulu futhi akadingi nokuthi elokhu elulekwa engqondweni, welulekeke ngokuphelele. Ngesikhkathi edlalela i-Ajax, ubebhekene nenkinga yokulimala kakhulu"

UManyana uthi ucabanga ukuthi wenze kahle kakhulu uMokeke ngokushiya i-Ajax, uthi kumele alinde ithuba lakhe okuthi adlaliswe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...