UMakhanya angase ayishiye iDowns

2013-02-07 14:05

Johannesburg - Abalandeli beqembu iMamelodi Sundowns bangase bagezeke izinhliziyo uma bezwa ukuthi uKenneth Makhanya uzoqoqa amasakana akhe abuyele ekhaya eSwazini.

UMakhanya owake waba yisikhulu esiphezulu kuBlack Leopards, uzobuyela ezweni lakhe la khona ezokuba yisikhulu esigungwini iNational Sports Council, kusho umbiko weKickOff.com.

Lesi sikhulu sikanye noTrott Moloto, sinyamanambana kubalandeli beqembu abathi bayimbangela yokungenzi kahle kwamaBrazilians.

Umbiko wephephandaba laseSwazini iTimes of Swaziland, uthi uMakhanya ucele uMnyango wezemiDlalo ezweni ukuthi umvumele athi ukulungisa izintwana ezithle kuleli laseNingizimu Afrika, ngaphambi kokuthi abuyele eMbabane.

“UMakhanya ubizelwe ukuthi azobamba isikhundla esiphezulu ezweni lakhe. Libonakele igalelo lakhe kwezemidlalo kanti izingxoxo zikhomba ukuthi nakanjani uzowuthatha umsebenzi," kusho umbiko.

Kusenjalo-ke iSundowns inamathemba okuthi uCalvin Marlin noDennis Onyango bazobe sebeluleme ngaphambi kokuthi iqembu lihlangane neKaizer Chiefs, emdlalweni walo weligi.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Partly cloudy. Cool. Pta: 19-30°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Scattered showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 17-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 19-32°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...