UMahlambi uyamdlula uBenni McCarthy - Umqeqeshi

2015-10-22 13:39

Johannesburg - Umqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt ukholelwa ukuthi uPhakamani Mahlambi,18, inethalente ukudlula uBenni McCarthy.

UMcCarthy wake wadlala ngaphansi kukaHunt eneminyaka engu-17 ubudala kwiSeven Stars ngo-1995.

Manje, njengoba esenyusele eqenjini elikhulu uMahlambi, lo mqeqeshi ukholelwa ukuthi usegcine ekubonile okungaphezulu kukaBenni.

Funda nalolu daba: I-PSL ithi igoli leWits kube yi-own goal

“Sinomfana omncane uPhakamani [Mahlambi] phambili, futhi uyashesha – sekuphele isikhathi eside ngagcina ukubona umdlali oshesha kanjena,” kusho uHunt.

“Ngiyakuzonda ukuqhathanisa, kodwa ngamqeqesha uBenni [McCarthy] eneminyaka engu-17 ubudala ... lo mfana ungcono kakhulu, ngiyakutshela."

UHunt ukholelwa nawukuthi lo mfana uzosizakala kakhulu uma engasheshe athole ithuba lokuyodlala phesheya kwezilwandle, kubika iKickOff.com.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...