ULekgwathi ugcwele ukuzethemba

2013-01-14 10:02

Johannesburg - Ukaputeni we-Orlando Pirates uLucky Lekgwathi uthi bazodlala ngokuzimisela zisuka amadaka ngethemba lokuthatha isicoco seligi nokuthola ithuba koweCAF Champions League, kubika iKickOff.com.

IPirates, nelele isibili ohlwini lwamaqembu eligi ngemuva kweKaizer Chiefs, izobhekana neDjabal of Comoros ngenyanga ezayo koweCAF.

AmaBhakabhaka aqale ukuzilolonga ngesonto eledlule kanti uLekgwathi uthembisa abalandeli ukuthi bazokhuphula amasokisi.

“Sinemidlalo engu-14 yeligi esizoyidlala ngesizini ka-2012/13 kanjalo futhi njengoba kuqala iChampions League.

“Ngonyaka odlule asenzanga kahle kuChampions League akanti ngenxa yalokho sizozimisela kakhulu kulokhu. Asazi olungakanani ngeqembu esizodlala nalo kodwa ngithembisa ukuthi sizodlala ngokuzimisela."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...